Yvonne Mokgoro

U-Yvonne Mokgoro (wazalwa mhla ka 19 kuMfumfu - Okthoba 1950) wayengumahluleli wangaphambili weNkantolo yoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika kanye nonkosikazi kaJob Mokgoro .

Umlando ngomsebenzi

UMokgoro waqokwa ebhentshini ngo-1994 nguNelson Mandela . UMokgoro uyilungu lebhodi leSikhungo Samalungelo Abantu i-Centre for Human Rights eNyuvesi yasePitoli futhi unguSihlalo wamanje weKhomishana ye-South African Law Reform Commission . [1]

Wafunda eNyuvesi yaseNorth-West lapho athola khona iziqu ze-B.luris ngo-1982, wathola iziqu ze-LLB eminyakeni emibili kamuva, kanye ne-LLM ngo-1987. Ubuye wafunda e-University of Pennsylvania Law School e-US, lapho aklonyeliswa khona ngenye i-LLM degree.

Eminye imisebenzi

  • I-Open Society Justice Initiative, Ilungu Lebhodi [2]

Ukwamukelwa nokubongwa

Phakathi kwenqwaba yezindondo anikezwe zona kubalwa indondo yeHuman Rights Award eyanikezwa yiBlack Lawyers Association, (1995) i-Oude Molen Reserve Order of Merit (1995/1996), iLegal Profession's Woman Achiever Award yiCentre for Human Rights, University of Pretoria (2001), University of the North School of Law Excellence Award (2003), i-Kate Stoneman Democracy Award (2003), i-Tshwane Outstanding Service Award (TOSA) ngo-2006 kanye ne-James Wilson Award yi-University of Pennsylvania Law School ( 2008).

Amareferensi