Busi Mhlongo
Busi Mhlongo | |
---|---|
Igama lokuzalwa | Busisiwe Victoria Mhlongo |
Ubezalwa | Inanda, KwaZulu-Natali, Ningizimu Afrika | ngoMfumfu 28, 1947
Ubefa | 15 ngoNhlangula 2010 eThekwini | (iminyaka ama-62)
Izinhlobo | uMbaqanga, Reggae, Jazz |
Abasebenzi | Umbhali wamaculo, umdidiyeli womculo, umdidyeli oqophayo, Isangoma |
Amathuluzi | Iphimbo |
Isikhathi | 1960-2010 |
Amaqembu | House of Memory, MELT2000, Stern Music, Sheer Sound, Chissa Records |
Amaviyo |
Imvelaphi
UBusi Victoria Mhlongo wazalwa ngonyaka we-1947 eNanda KwaZulu-Natali. Wayengumculi odume kakhulu ngokuxuba uMbaqanga, Maskandi Reggae, Rock, Marabi nezinye izinhlobo zomculo. UBusi Mhlongo wayecula umhlaba wonke ecula futhi enezinkulungwane zabalandeli[1]
Udumo
Ngeminyaka ye-1960 uBusi wayekade ehamba umhlaba wonke ecula. Umculo wakhe wawubonga abantu abathize uphinde ukhuze isizwe (Ebathenjini, Izizwe, Yehlisan' umoya) umculo wakhe uthinte abantu abaningi nabaculi abaningi
Umdlavuza nokudluma emhlabeni
UBusi wayekade ephethwe Umdlavuza webele phecelezi i-Breast cancer, i-SABC yabamba i-Benefit concert ngonyaka wezi-2006lapho abaculi abaningi babeculela uBusi kanti abalandeli benikela imali ukuze athole usizo uMhlongo. Ngonyaka wezi-2010 emva kokulwa nomdlavuza webele, ukufa kwamhlula ukufa uBusi walala okokugcina ngo15 June 2010 [2][3]. UBusi ubekade engudadewabo kaNdaba Mhlongo ewayedume ngokulingisa. UBusi ubekade eyiSangoma kanti loku kwakunomthelela emculweni wakhe nobuyena.